29Apr2026

R33 Main Road

Tugela Ferry, 3010

+27 33 493 8000

During office hours

MEC-visits-iNkosi-012-main

MEC Heeds Call by Inkosi Yesizwe SakwaMchunu

Today, MEC for Economic Development, Tourism and Environmental Affairs Rev. Musa Zondi upon invitation from Inkosi yeSizwe sakwaMchunu visited the uMsinga Local Municipality.

This visit was constituted by the Mchunu Royal Authority that sought intervention measures by the MEC at the former Bata Shoe Factory located in Othulwini loZulu in uMsinga.

In his request, Inkosi yeSizwe outlined how this factory once employed hundreds of people from the area and is a result of some households still standing today.

The MEC’s visit was concluded by an oversight visit to the KwaNxamalala farming area,with the purpose of exploring its potential as a future hub for hemp farming.

Read More
Kuphendulwe Isoyi Kolwamanzi

Kuphendulwe Isoyi Kwethulwa Uhlelo Lwamanzi

Umkhandlu waseMzinyathi usuphinde wangenisa futhi ngentuthuko endaweni yaseMsinga ku-ward 5, lapho iMeya yomkhandlu waseMzinyathi umhlonishwa ukhansela ALD PMS Ngubane ehambisana nobuholi boMkhandlu, kanye naMakhosi bezophendula isoyi leproject iMthembu west water supply phase 2 eMzisho ngaphansi kukakhansela uV. S. Ndlovu.

Le project izokwenziwa usonkontileka u CIVTECH, izodla isamba semali elinganiselwa ku- R89.6 Million. Izindawo ezizohlumula ngale project, eMzisho, eMaromeni, Tugela Ferry kanye nase Mahlabathini. Imizi ezohlomula ilinganiselwa ku- 1962. UMhlonishwa uMeya uthi “igcagcele esokeni ngoba ukuphela kwale project kuyobe kusho ukuthi ingxenye enkulu yoMsinga sizobe sesikwazile ukuyihlinzeka ngamanzi.

Uma kuza uhlelo olukhulu kangaka endaweni usonkontileka siye sincome kakhulu ukuthi aqashe abantu bendawo ukuze kube nemindeni ezokwazi ukubeka isinkwa etafuleni. Njengoba uqala lomsebenzi balinganiselwa ku -18 abantu abazoqashwa. Abantu kumele bahambele imihlangano yomphakathi ngoba lezi zindaba yilapho ezifike zixoxwe khona. Ngiyaninxusa bantu bakithi ukuthi uma kukhona eninganelisekile ngakho ningaphasamisi umsebenzi ngoba uma nenze njalo nizobe nizibambezele nina ukuthi nithole

amanzi. Noma seniwatholile ngicela niwaphathise okwezikhali zamantungwa. Singezwa sekuthiwa nigqashule amakhebula kagesi nazixhumela ngokungemthetho amanzi ngoba lokhu kuzobe kuwukuzibuyisela emuva.”

Read More
uSomlomo waseMzinyathi uhambele umphakathi

USomlomo nethimba bahambele aMazabeko

UMhlonishwa Somlomo kaMasipala wesiFunda uMzinyathi uKhansela T Kunene ehambisana nethimba likangilokothe elibheka izinkinga zamanzi eMzinyathi namhlanje bebekwa-Wadi 20 eMazabeko, eMsinga ukuyozama ukuxazulula izinkinga zamanzi ezikhona kuleya ndawo.

Bafike ehholo umphakathi ubalindile noKhansela wendawo uKhansela Mabaso nokuyilapho bethathe khona usomlomo nethimba nophiko lwezamanzi ukuyobakhombisa izinkinga ezikhona ababona ukuthi umthwalo ungehla uma kungase kulunge zona kuqala.

USomlomo utuse kakhulu umphakathi waseMazabeko ngokungahlali dekle ulindele ukuthi izinto ziyozilungela zona kodwa usukume ubike udaba lwawo eMzinyathi.

“Silapha nje yingoba nani benizihlupha nifisa kulunge udaba lwenu. Amathange njengoba esefikile namapayipi eselethiwe, kukhomba khona ukuthi indlela eya phambili ikhona. Ithimba njengoba lizobuya ngesonto elizayo ngikhohlwa ukuthi kuzobe sekuyikhona ukuqala kokulungiswa kwalezinkinga enizivezayo njengoba silapha namhlanje,” kubeka uSomlomo.

Usihlalo wethimba uNkk V Zondi uthe ngesonto elizayo bazophindela kule ndawo nomnyango wezamanzi sebeyoqalisa ukulungiswa kwenkinga ezibikwe umphakathi.

Kulamasonto edlule ithimba belisePomeroy nophiko lwezamanzi bashiye seyilungile isewer plant ibinenkinga kule ndawo.

Read More
water_outages_001

Isaziso samanzi eMsinga

Mphakathi waseMsinga niyaziswa ukuthi kwisiphehlimanzi,saseSampofu kuqhume ipayipi elikhulu kumanje amanzi avaliwe, kuze kube ithimba lezamanzi liqalisa umsebenzi wokulungisa lesi simo kusasa.

Siyaxolisa ngokuphazamiseka okuzoba khona ngenxa yalokhu.

Read More
uNdunankulu_007

uMsinga uhanjelwe uNdunankulu wesifundazwe sakwaZulu Natal

Ubesenhlanhleni enkulu umkhandlu umasipala waseMzinyathi lapho uhanjelwe uNdunankulu wesifundazwe sakwaZulu Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ehambisana noNgqongqoshe wezolimo umhlonishwa umama ukaMadlopha-Mthethwa, noPolitical champion waseMzinyathi uNgqongqoshe uMhlonishwa uRev Musa Zondi, kanye namakhansela akhele isifunda.

Namhlanje bavakashele eMsinga ukuyoqalisa ukulima kulomphakathi njengoba sekungena iskhathi sokulima nokuyilapho bethi”PHEZ’KOMKHONO” emphakathini waseMsinga ku ward 18 no 19 ngaphansi kuka Khansela TL Kunene ophinde abe nguSomlomo womkhandlu uMzinyathi.

Ekufikeni kwabo bavakashele iproject ebizwa ngokuthi iGwamanda project okuyi- co-operation yabalimi ehlanganisa abesifazane abangamashumi amathathu nanye(31), kanye nabesilisa abayishumi nesishiyagalolunye(19) banikele ngezinsiza kusebenza okubalwa amageja, amasaka embewu yommbila, umanyolo nokunye.

Umphakathi waseMzinyathi ujabule kakhulu waphuma ngobuningi ukuzozibonela ngokwawo kulethwa intuthuko nokuzothuthukisa umnotho kulendawo besizakale. Inkosi yendawo Inkosi uMajozi kanye nekhansela lendawo uKhansela TL Kunene balamukele ngelikhulu isasasa loluxhaso endaweni yabo bagqugquzele ukuthi abantu mabalime bezakhe bezenzele.

Read More